About Features News Sport Analysis Editorial Culture Podcasts

Ukwesekwa wuhulumeni yiyona kuphela into engasisiza manje, kusho abemboni yamatekisi

Intengo kaphethiloli nodizili iyaqhubeka nokunyuka kodwa abagibeli ngeke bakukhone ukwenyuka kwemali yokugibela ekubeni abamatekisi basazama ukuzithintitha ngemuva kokuphazamiseka okudalwe yiCovid.

Author: loading...

30 May 2022

Baragwanath taxi rank in Soweto was full of activities in the morning when more workers assumed their duties since the lockdown was taken down to level 4 and everyone is now compulsory to wear a face mask. 04/05/20 Photo: Oupa Nkosi

Lwahunyushwa nguSibongiseni Gumbi

Ukwenyuka kwentengo kaphethiloli nodizili kuyikhubazile imboni yezokuthutha ebingakalulami nakahle ngemuva kokuvalwa kwezwe ngenxa yokubheduka kokhuvethe lweCovid-19. Sekuyezwela kubashayeli nabanikazi bezimoto zezimboni ezehlukene zokuthutha kuleli. 

“Inkinga enkulu esibhekene nayo manje wuphethiloli, ikakhulukazi kulabo abasebenzisa izimoto ezinezinjini ezinkulu. Sonke esisebenzisa iToyota Quest nezinye ezinkulu, sibhekene nenkinga enkulu ngoba uphethiloli uyasibulala. Manje sesisebenzela ukuphila nje kuphela,” kusho uMlungisi Mokoena*, oseshayele izimoto ezibizwa ngama-Uber iminyaka eyisikhombisa. 

Intengo kaphethiloli kulindeleke iphinde inyuke ngo-R2.25 ngoNhlangulana. Ngaphezu kwalokho, abesikhwama semali yezwe bayayibuyisa intela engu-R1.50 ngelitha ngalinye entengweni kaphethiloli abebeyimisile ngoMbasa nangoNhlaba. Lokhu kuzokwena intengo kaphethiloli nodisili kakhulu inyuke kakhulu. 

“Yisimo esingakaze sibhekane naso lesi phambilini kule mboni,” kusho uTheo Malele wenhlangano yosomatekisi iNational Taxi Alliance.

UMokoena usebenzisa imali engaphezulu kuka-R3 000 ngeviki kuphethiloli. “Ukuze ukwazi ukwenza imali osuke uzibekele yona ngosuku kumele ukhiphe imali eningi wetha uphethiloli. Uthi uqambe wenza u-R1 000, usuke sewusebenzise imali eningi kuphethiloli. Nginezingane ezimbili nonkosikazi. Yimi ngedwa osebenzayo. Kumele ngikhokhe imali yesikole njalo ngenyanga. Kunzima ukukhona zonke lezi zinto.” 

Imali yokugibela nentengo kaphethiloli

Ukwenyuka kwentengo kaphethiloli nodizili nokuxhashazwa kwabashayeli bezimoto ezibizwa uma uzidinga kubaphoqe ukuthi bangene emgwaqeni babhikishe ngoNdasa. Babhikisha befuna kunyuswe imali abagibelisa ngayo abantu ukuze nabo bakwazi ukwenza inzuzo. 

Inhlangano yosomatekisi kuleli iSouth African Taxi Association isiveze ukuthi icabanga ukunyusa imali yokugibela ngenxa yokwenyuka mawala kwentengo kaphethiloli. UMalele uthi njengemboni akukho okunye abangakwenza. 

Umthwalo wemboni usindiswe kakhulu nawukubheduka kokhuvethe oludale ukuphela kwezigidi zemisebenzi. Embikweni wesimo sokuqashwa kwabantu emhlabeni iWorld Employment and Social Outlook: Trends 2021, umqondisi we-International Labour Organization uGuy Ryder uthi, “isifo esidla buthule esidalwe yiCovid-19 ukubheda kakhulu kwesimo sokungalingani emisebenzini, okubuyisela emuva obesekuzuziwe ekunciphiseni ubuhlwempu, ukulingana kobulili nomsebenzi ophucukile”. 

Lo mbiko uphinde uveze ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi emhlabeni jikelele ngonyaka ka-2022 kulindeleke sidlule kwesango-2019 sabangu-187 million siye kwabangu-205 million. Abantu abasebancane, ikakhulukazi basengxenyeni yomhlaba eseningizimu, yibo abathikamezeke kakhulu. ENingizimu Afrika, isibalo sabantu abangasebenzi siku-65.5%.

UMokoena uthi ekuqaleni kokhuvethe nemigomo yokuzama ukulunqanda “kwaba yisikhathi ezinzima. Salimala kakhulu njengabashayeli bezimoto eziqashwayo ukuhambisa abantu ngesikhathi kuqala ukuvalwa kwezwe.” 

UMasingana noNhlolanja yizinyanga ezivamise ukuba zimbi emabhizinisi. Kodwa ekuqaleni kuka-2020, ngesikhathi ukhuvethe lubhebhetheka izwe lonke, “ngokwebhizinisi… ngokokwenza imali, kwakunzima kakhulu mfowethu”. 

Omunye wemizamo yokwehlisa ingcindezi kumakhasimende, izinkampani ezibolekisa ngezimali nezithengisa ngesikweletu zanika amakhasimende iholidi lezinyanga ezintathu engakhokhi ngoNhlaba ka-2020. UMokoena ubengakwazi ukusebenzisa lolu hlelo kwazise ubevele esalele emuva ekukhokheni kwakhe. “Lokho kwangishaya kakhulu. Futhi ngiyazi baningi abashayeli bezimoto eziqashwa abagibeli abadonsa kanzima. Ngisho namanje ngisasalele emuva ekukhokheleni imoto engiyisebenzisayo. Ngisalele emuva ngemali ebalelwa ku-R8 000,” kusho yena.

Ibhange labe selidlulisela isikweletu sikaMokoena kulabo abaqoqa izikweletu futhi manje usenze uhlelo lokukhokha u-R1 600 ngeviki ukuze aqede lesi sikweletu sakhe. Lokhu kungaphezu kuka-R4 474 wesitolimende asikhokha nyangazonke salemoto ayisebenzisayo.

Okuqansisa isimo kakhulu kuMokoena wukwehla kokusetshenziswa kwezimoto eziqashwa ngabantu kule minyaka embalwa edlule. Ngenxa yalokhu, abashayeli balezi zimoto sebekhalaze kaningi ngokungabi nemithetho elawula le mboni nemali ekhokhwa kuyo. 

Ngesikhathi sesiteleka sezinsuku ezintathu ngoNdasa, bakuveza ukungeneliseki kwabo ngokuthi yizinkampani ezibaphethe ezihlonza imali okumele bayibize ngaphandle kokuxoxisana nabo ukuzwa uvo lwabo bese zona futhi ziphinde zithathe inngxenye enkulu yemali abayenzayo. 

Imithetho evimbayo

ICovid ishaye kwezwakala nasembonini yamatekisi, okuyiyo ethutha izigidi zabagibeli ngosuku lapha eNingizimu Afrika. UMnyango wezokuThutha ugcine uyikhiphile imali ekade yalindelwa yesibonelelo sokhuvethe lweCovid-19 elinganiselwa ku-R1.14 billion ngoMasingana. Abamatekisi, izimoto ezisebenza njengamatekisi yibo okubhekwe ukuthi bazuze kulelo hlelo futhi kumele bathole u-R5 000 ukubanxephezela ngenzuzo ebalahlekele ngesikhathi sokhuvethe.

UMalele uthi le mali ayenele embonini yamatekisi uma ubheka izindleko ababhekana nazo ezigcina zibalelwa ku-R12 000 kuya ku-R15 500 ngenyanga, kungakafakwa imiholo yabashayeli nenzuzo yabanikazi bamatekisi. 

Imithetho nemigomo ebekiwe ukuze ukwazi ukuthola le mali nayo iletha obunye nje ubunzima. “Le migomo ebekiwe ayilula… ukuthola ezinye zalezi zinto ezifunekayo ngeke kube lula. Izinto ezifana nokuthi uthole incwadi ekhombisa ukuthi awukweleti enhlanganweni eqoqa intela kwenza kube nzima. 

“Uhulumeni okhona njengamanje awuyicabangeli imboni yamatekisi. Bekufanele sixhaswe,” kusho uMalele.

Izimpikiswano ngokusebenza kwemboni yokuthuthwa kwabantu kuleli kudala zaqala. Ngo-2021 inhlangano ebhekelele ukuncintisana ngendlela engenzeleli kuleli iCompetition Commission imgxekile uhulumeni ngokungabi nemithetho eqondile ngalolu daba. Amatekisi athutha ingxenye engu-66.5% wabagibeli kuleli, amabhasi wona athutha u-23.6% kuthi izitimela zona kube u-9.9%, kusho iCompetition Commission. 

Le nhlangano ithe kukhona ukungalingani phakathi kwezibalo zabagibeli nemali yesinxephezelo. Ithe le mali yesinxephezelo isiza ukuvala u-1% wezindleko zamatekisi. 

“Kumanje, imizila yezitimela ifile. Kuyafana nokuthi asinaye ungqongqoshe obhekelele ezokuthutha. Bonke abagibeli abebesebenzisa izitimela sebegijimele ematekisini. Lokhu kusisuse ekutheni besithutha u-70% wabagibeli saya ku-80%. Lokhu kukubeka obala ukubaluleka kwemboni yamatekisi kuleli, kodwa noma kunjalo uhulumeni akasishayi ndiva,” kusho uMalele. 

Abagibeli yibo abacindezeleka kakhulu 

Ukugqoza kwesibonelelo sikahulumeni embonini yamatekisi kuzwela kakhulu kubagibeli. Imali yokugibela ngenye yezindleko zomndeni ngamunye. Umbiko wenhlangano engancikile kuhulumeni yaseMgungundlovu iPietermaritzburg Economic Justice and Dignity ebheka izindleko zomndeni ulinganisela ekutheni abantu basebenzisa imali elinganiselwa ku-R1 152 ngenyanga ukuya nokubuya emsebenzini. 

Abamatekisi bayazi ukuthi iningi labagibeli babo liyazihluphekela futhi ngeke likhone uma kuphinde kwenyuswa imali yokugibela. 

“Empeleni nje akufanele abantu basebenzise ingxenye engaphezu kuka-10% womholo wabo ukukhokhela izindleko zokuya noma ukubuya emsebenzini,” kusho uMalele. “Kodwa ngokwesimo njengamanje, abantu basebenzisa ingxenye engaphezu kuka-60% wemali yabo begibela. Uma singenyusa imali yokugibela, lokho kungasho ukuthi siyalwengeza usizi lwabantu abavele bezidonsela kanzima ekubeni osopolitiki beqhubeka bethola izindimbane zemali njalo ngenyanga. Abakukhokheli ukugibela ngoba batetemukiswa ngezimoto mahhala.” 

UMalele uthi kunokuthi badube noma bagoloze ukukhokha imali eyengeziwe ematekisini, kumele basondele kubo balekelelane ukufakela uhulumeni inselelo ngemali yesibonelelo. “Kubagibeli sithi thina asibambaneni ngezandla. Lento yokungena emgwaqeni sibhikishe ayilulethi ushintsho esilufisayo. Okudingekayo wukuthi sifake uhulumeni ezinkantolo. Yileyo kuphela indlela  ezosiza ukuveza ukuthi imboni yamatekisi iyabandlululwa. 

“Abantu abathutha abagibeli abambalwa yibo ababhekelwa ukwedlula imboni yamatekini futhi lokho akulungile, akukho emthethweni. Njengamanje sisabonisana futhi sizokwenza isimemezelo maduze, kodwa lokhu yisinqumo esiphume ekomidini lethu eliphezulu elithatha izinqumo.” 

*Akulona igama lakhe langempela.

READ THE ORIGINAL ARTICLE IN ENGLISH:

If you want to republish this article please read our guidelines.
+ posts