About Features News Sport Analysis Editorial Culture Podcasts

Liyaphela ithemba kwabakha-hlanyezwe yizikhukhula nomlilo eThekwini

Izakhamizi zasemijondolo yaseSiyathuthuka sezibhekane nezimo eziningi ezingezinhle ezibashiye bengenamizi, zaqeda nangamaphupho ekusasa elingcono.

Author: loading...

3 June 2022

Read the original article in English.

Lubhunyushwe nguSibongiseni Gumbi

Izakhamizi zaseSiyathuthuka, okuyindawo eyimijondolo eseSea Cow Lake eThekwini, bezisazama ukubuyisela isimo kwesijwayelekile ngemuva kwezikhukhula zangoMbasa ezishiye zimoshile KwaZulu-Natal, kwathi kusenjalo kwaqubuka umlilo ngomhla ka-3 kuNhlaba. Lo mlilo washiya kukhalwa njengoba kwashona oSisipho Manqina, obeneminyaka eyisishiyagalombili (8), noyise uSabelo Mthathwa kuwo. 

Lokhu kwenzeke ngaphambi kokuthi kubuye izikhukhula ezengeze ezinkingeni zakule ndawo ngomhla ka-21 kuNhlaba. 

“Umlilo waqala ngemuva kancane kokugamanxa kwehora lokuqala ekuseni (1.30am). Le ndawo kwase kuphele izinsuku ezimbalwa ingenawo ugesi ngenxa yokuxhunywa kwawo ngendlela engafanele. Sisola ukuthi umlilo uqalwe yikhandlela,” kusho umhlali wakule ndawo uKhanyisile Mqushwana, oneminyaka engu-42.

“Ngesikhathi kuqubuka lo mlilo, uSabelo wakhipha amalung’ omndeni wakhe emkhukhwini wakhe kodwa wabuye wabona ukuthi enye indodakazi yakhe eyiwele ayiphumanga, ivaleleke egunjini lokulala. 

“Wabe esephindela endlini eyozama ukuyoyikhipha kodwa akangabe esakwazi ukukwenza lokho. Amalangabi ayesevele edla lubi. Washa kwase kuthi ngemuva kwezinsuku ezimbalwa ukusuka lapho wabe eseshona.” 

Ngomhlaka-27 kuNhlaba 2022: UKhanyisile Mqushwana, oneminyaka engu-42, uphoqeleke ukuhlala ehholo lomphakathi laseGreenwood Park ngemuva kokuguguleka komuzi wakhe.

ISiyathuthuka iyikhaya kwizakhamizi ezibalelwa emakhulwini ayisikhombisa (700). Iphunga lezibi ezingaqoqiwe yilo elikuhlangabezayo uma ufika kule ndawo. Izikhukhula zangoMbasa kubikwa ukuthi zigugule imizi engu-87 kule ndawo eyimijondolo, yashiya izakhamizi ezibalelwa ku-114 zingenandawo yokufihla ikhanda. Lo mlilo walothisa imikhukhu engu-48 yashiya nabantu abangu-116 bekhahlamezekile, wengeza osizini lwezakhamizi zakule ndawo. 

Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kuqubuke lo mlilo, izakhamizi zabe seziqala zilungisa izindlu zazo ngemuva kokufika kwezinsiza ezazilethwe wumasipala waseThekwini. Labo ababesale bengenamakhaya ngemuva kwezikhukhula babesaqube ezindaweni ababenikwe zona zokufihla ikhanda. Kwabe sekuthi ngobusuku obulendelayo bomhla ka-22 kuNhlaba, kulandela ukuphinda kwezikhukhula, izakhamizi ezibalelwa ku-50 zangena ngenkani ehholo lomphakathi laseGreenwood Park enyakatho yeTheku ngemuva kokuthi ziphendulwe omantuntanendishi. Zalandelwa yinqwaba yabanye ababesale dengwane ngemuva kokukhukhuleka kwemizi yazo.  

UNokulunga Hadebe, oneminyaka engu-51, uthi wafika eSiyathuthuka ngo-2015 esuka eBizana, eMpumalanga Kapa. Wayezofuna usizo lwezempilo kulandela ukutholakala kokuthi unesifo sokukhukhumala ngonyaka ngo-2014. Ngaphambi kokuthi indlu yakhe ibhujiswe umlilo nezikhukhula wayeziphilisa ngokudayisa ukudla okuphekiwe. 

“Udokotela le ekhaya wangitshela ukuthi kuzodingeka u-R65 000 ukuthi ngihlinzwe, ngangidinga nosizo engangiluthola esibhedlela iKing Dinuzulu njalo ngemuva kwezinsuku ezimbili,” kusho uHadebe. “Ngahlala kule ndawo ngaze ngagcina ngilanda nezingane zami ukuba zizohlala nami khona. Yize inhlalo yalapha ingeyinhle futhi ingabafanele abantu abaphilayo, kodwa kunamathuba okuziphilisa atholwa ngabesilisa kuphela le ekhaya. 

“Lapha edolobheni elikhulu eThekwini unethuba lokuphila impilo ephusile, kodwa uhulumeni akenzi okwanele ukukweseka lokho. Kunalokho sibukwa njengabantu abayisicefe okungafanele basondelane naleli dolobhakazi.”

Bayizisulu zezimpi zepolitiki abangahlangene nazo

UMqushwana, ongunobhala wekomidi lezakhamizi zaseSiyathuthuka, usekhaleni lemikhankaso yokutholela abantu besifazane izindawo eziphephile. Ubuye abe phambilini nakweyokutholela umphakathi usizo nokuqinisekisa ukuthi umasipala uyaziletha izinsiza ezifanele. 

Uthi ukungabi nawo ugesi oxhunywe ngendlela efanele, izindlu zangasese nezindlu ezisezingeni elifanele kusukela kwaqalwa ukuhlala kule ndawo eminyakeni engaphezu kuka-15 edlule kungenxa yepolitiki. Le ndawo ingaphansi kwesigceme esiholwa yikhansela elimele i-DA ekubeni umasipala wona uphethwe yi-ANC. 

“Sesikuqaphelile ukuthi izinsiza zikamasipala ziyaphuza ukufika lapha noma sivele sizitshwe nje kube sengathi siyajeziswa ngoba nakhu singaphansi kwe-DA. Siyakubona futhi nokuthi asiyilutho kubaholi nabalandeli be-DA. Mhlawumbe yilokho okwenza singanakwa nezidingo zethu zizitshwe. 

“Nathi siyazibona iphutha ngokuthi vele asiyinaki kakhulu indaba yokuvota kanti nepolitiki akuyona into ephambili la kithi,” kusho uMqushwana. 

“Kwehlisana isithunzi ukuhlala endaweni enjengalena. Sesikhalile, sabhikisha saphinde sancenga, sekwanele manje. Njengamanje iningi labantu lapha selilahle ithemba. Sebeyaphila nje phela ngoba nakhu basaphefumula. Abasayingeni eyokuvota ngoba vele kusiza ngani? Okusobala wukuthi noma singenzani okuhlalukayo wukuthi uhulumeni wethu ophethwe ngabantu abamnyama ubukeka ungabathandi abantu abamnyama abahluphekayo. 

Ngomhla ka-27 kuNhlaba 2022: USthokomele Zondo efunza indodakazi yakhe eneminyaka emithathu u-Inam, 3, ehholo lomphakathi laseGreenwood Park.

“Kufanele ukuthi bayasizonda impela njengoba besiyeka sihlale kule ndawo engabafanele abantu ekubeni kukhona uhulumeni angakwenza ukulungisa indaba yezindlu nokuqeda inhlupheko. 

“Kulula ukungenwa yizifo lapha. Azikho izindlu zangasese ezisesimweni esifanele kanti namanzi akhona awahlanzekile bese kuba namapayipi athutha indle avuzela emigwaqeni la izingane zethu zidlala khona.”

UVuyiseka Mkhaleni, oneminyaka engu-28, wasala dengwane sekukhukhuleke indlu yakhe ngesikhathi sezikhukhula zangoMbasa. Yena nesoka lakhe bebehlala emkhukhwini oyigumbi elilodwa kanti babelindele umntwana njengoba ayekhulelwe nje. Babe sebethuthela ehholo lomphakathi laseGreenwood Park ngomhla ka-22 kuNhlaba, bahlala egunjini elingemuva kwaleli hholo.

Leli gumbi alinalutho phakathi futhi kuyabanda kulo njengoba kukhona izimpahla ezimbalwa namanabukeni omntwana wabo ongumfana uBuhle osegcine efikile emhlabeni.

Ngomhla ka-27 kuNhlaba 2022: USthokomele Zondo efunza indodakazi yakhe eneminyaka emithathu u-Inam, 3, ehholo lomphakathi laseGreenwood Park.

UMkhaleni usebenzisa ingubo yokulala ukuze umntwana athole intokomalo nemfudumalo angakuzweli ukubanda kwezindonga ezimfimfa umswakamo owenza kubande ngendlela engabekezeleleki kule ndlu yabo. 

UMkhaleni, owashonelwa abazali eseneminyaka eyisishiyagalolunye nje kuphela, uthi waqala ukuhlala eThekwini ngo-2018 kulandela ukuthi isihlobo sithathe ingane yakhe eneminyaka eyisithupha ukuba izohlala naso njengoba yena ayengenawo amandla okunakekela izidingo zayo. 

Naye wabe esetshelwa ngumngani ukuthi angawuthola umsebenzi eThekwini, wabe esenquma ukusuka eMthatha, eMpumalanga Kapa ayohlala khona. Wasebenza ukugada abantwana kodwa wanquma ukushiya phansi ngo-2021 ayofuna eyakhe indawo yokuhlala eSiyathuthuka. 

Ngomhla ka-27 kuNhlaba 2022: UPhelokazi Ngwane ugqokisa indodana yakhe enezinyanga ezintathu uLingomso.

UMkhaleni uveza sifiso sakhe sokuba nempilo efana neyabanye ehloniphekile. “Engikudingayo nje wumsebenzi. Mina umsebenzi ngisawufuna ngale ndlela yakudala yokuhamba ngifesa emizini yabantu, ezitolo nasemafemini. Kokunye iyavela inhlanhla. Kodwa kusukela kwaqubuka iCovid kunzima ukuthola umsebenzi. 

“Sengiphila ngesoka lami nalo elizibambela amatoho bese lizama nenhlanhla ngokubheja kwezemidlalo. Phambilini bengikwazi ukuzenzela imali ngokuwashela abantu izimpahla zabo kodwa ngakuyeka lokhu ngesikhathi sekusele inyanga eyodwa ngitete. 

“Kunzima ukuphila uma ungasebenzi, uthembele kwabanye abantu. Uma ungumuntu wesifazane akusona isimo ofisa ukuzithola ukuso leso ngoba usuke usengozini yokuhlukumezeka bese ugcina usukwamukele ukuhlupheka nokuhlukumezeka.” 

Akukho angakwenza

UBobby Maharajh, oyikhansela lesigceme 34 iSiyathuthuka engaphansi kwaso, uthi usewunxenxe kaningi umasipala waseThekwini noMnyango wokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal ukuthi ‘bakubeke eqhulwini ukutholelwa kwabantu baseSiyathuthuka indawo engcono’.

“Kuze kube namuhla angikatholi mpendulo evela emnyangweni,” kusho uMaharajh. “Iphini lemeya [uPhilani Mavundla] nguye ojwayele ukufika kule ndawo. Ngemuva komlilo, iphini lemeya nongqongqoshe woMnyango wokuBusa ngokubambisana nezindaba zobuHoli bendabuko, (uNkosazana Dlamini-Zuma) bafika bezohlola isimo kule ndawo.

“ISiyathuthuka ayiphephile neze. Mina bengingafuni kube khona abantu ababuyela khona. Umasipala kumele uzame ngamandla. Le ndawo ayihlukanisiwe nakahle, izindlu azinazo izinombolo okwenza kube nzima ukulethwa kwezinsiza. Umasipala awufuni ukwenza okufanele ekubeni thina sidinga ukuholwa yiwo ukuze sigweme ukufa kwabanye abantu.” 

Ngomhla ka-27 kuNhlaba 2022: UVuyiseka Mkhaleni, oneminyaka engu-28, noBuhle owazalwa ngosuku olulandela okwabhidlika ngalo umuzi wakubo.

UMaharajh uthi singaphezu kwamandla akhe njengamanje isibalo sabantu abadinga ukutholelwa izindawo zokufihla ikhanda kulandela lezi zehlakalo zakamuva kule ndawo. Uveza nokuthi abahlali baseSiyathuthuka bagaxele phakathi komakhelwane abanganazwelo futhi ababachitha ngesikhathi besale dengwane kulandela izikhukhula zangoNhlaba nomasipala ongafuni ukwenza umsebenzi wawo.

“Sazama ubusuku bonke ukuthola ihholo nendawo ephephile ngoba umphakathi wawubachitha laba bantu. Satshelwa ukuthi ngeke sikwazi ukusebenzisa ihholo laseGreenwood Park, okuyilo eliseduze nalo mphakathi. Babe sebephenduka omantuntanendishi, besiwa le nale. Asitholakalanga isisombululo esifanele. Lalisana futhi sekuhlwile impela. Umphakathi wagcina ungene ngenkani ehholo laseGreenwood Park okuyila usahlezi khona namanje. Baphila ngokukhangezwa.” 

Ngomhla ka-27 kuNhlaba 2022: Izingane zizichithela isizungu ngokudlala ibhola kule ndawo ezifihliswe kuyo amakhanda.
If you want to republish this article please read our guidelines.
+ posts