About Features News Sport Analysis Editorial Culture Podcasts

Kusetshenzise umqhudelwano webhola ukugqugquzela ukubuyisana kwizakhamizi zasePhoenix

Abahleli bomqhudelwano bebememe amaqembu asezindaweni ezehlukene ezakhelene nePhoenix ukuba azozwana amandla enkundleni yase-Eastbury ngenhloso yokuqala uhlelo lokubuyisana kwezinhlanga ezixabane n…

Author: loading...

19 August 2021

Luhunyushwe: nguSibongiseni Gumbi

Umsebenzi wokubuyisana ePhoenix uzoba nzima ukwedlula ukwakha kabusha izakhiwo zodaka nesitini ezacekelwa phansi qede zashiswa ngesikhathi sezibhelu zangoNtulikazi ezenzeke KwaZulu-Natal nasezingxenyeni ezithile zeGauteng. 

Kunezinto ezicashile nalezo ezingafihleki ezikukhumbuza ngomonakalo nokubulawa kwabantu okwenzeke kuleli lokishi laseThekwini. Yize egqoke izingubo zawo ezidalelwe ukuba angabonakali kalula, amasosha ombutho wezokuvikela atshalwe kule ndawo avele azigqamele kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini. 

La masosha ombutho wezokuvikela aqaphe isimo emigwaqeni yaleli lokishi kanti asuke ephethe izingadlangadla zezibhamu. Izingudungudlu zamaloli afike ngazo zona zipakwe ezindaweni ezithile eduze kwezinxanxathela zezitolo. 

Inxanxathela yezindlu ezimhlophe ezingomahambanendlwana ziklele enkundleni yezemidlalo ewumngcele ophakathi kwePhoenix neBhambayi. Ngaphambi kwalezi zibhelu okufe kuzo abantu abangamashumi amathathiu nesithupha (36) asebeqinisekisiwe okwamanje ePhoenix, le nkundla ibihlanganisa lamalokishi angomakhelwane. 

Amabala amancane asele emigwaqeni lapho bekubaswa khona imililo ngezikhathi izidlamlilo ezazihlome ziyizingovolo nezakhamizi ezazisabela izimpilo zazo ‘zivikela’ iPhoenix yazo. Nokho leyo Phoenix ayikaze yaba sengozini njengoba kwakuyizinxanxathela zezitolo obekutatshwa kuzo impahla okwagcina sekulandelwa wudlame nokucekelwa phansi kwezakhiwo.  

Kugcine sekunesihlava sokomela igazi kulokhu ‘kuvikelwa’ kwePhoenix okwenze ukuthi iqeqebana lezidlamlilo ligcine selicwasa ngokobuhlanga nokwaphetha ngokuqothwa kwabantu bokudabuka e-Afrika abazithola besebhadini lokuhlangana nalezi ziqhwaga. 

Ungqongqoshe wamaphoyisa uBkeki Cele umemezele ukuthi kubantu abangamashumi amathathu nesithupha (36) ababulewe, abangamashumi amathathu (30) badutshulwa, ababili bafa ngokushiswa, oyedwa wagwazwa kwathi omunye oyedwa yean washayiswa ngemoto. Abanye ababili bashona ngenxa yokulimala abakuthola ngesikhathi behlaselwa yilezi zigilamkhuba.

Yingakho kungamangazi ukuthi isimo sisemanzonzo namanje – yize sekunozinzo oluncane futhi izinto sezibuyele esimweni esijwayelekile ePhoenix namalokishi akhelene nayo okuyila iningi lalabo abangamashumi amathathu nesithupha (36) ababulawa beqhamuka khona. 

“Akukho nkinga lapha, mfowethu,” usho kanje uSharm Maharaj ocingweni, ngemuva kokusiyalela ukuthi ingakuphi nePhoenix inkundla yezemidlalo i-Eastbury la bekuzobanjelwa khona umqhudelwano.

“Yonke into ihamba ngohlelo. Uzozibonela nawe. Kuphephile lapha.” Le nkundla isebangeni elingamakhilomitha ayisikhombisa ukusuka ekhaya eWhite City, okuyilokishi elisemgceleni weMaoti, Ohlange, Bhambayi, Brooks Farm nePhoenix. Sengike ngadlula ngakuyo le nkundla amahlandla amaningi uma ngizigijimela. Kodwa ngenxa yalento eyenzekile, bekungathi ngikwelinye izwe engingalazi. 

Ukuvalwa okwesikhashana komgwaqo uWestham Drive ngezivimbamgwaqo zokuzakhela ngabanikazi besitolo iMambha Supermarket, ngoba benzela ukuvikela isitolo sabo ekutheni kutatshwe kuso, kwengeze ibanga elisuka ekhaya uya e-Eastbury. 

Abaqaphi benkampani ezimele kusolwa ukuthi babulala abantu abane ngesikhathi bevikela lesi sitolo ngesikhathi sezibhelu.

Ukubhidlizwa izindonga ezihlukanise abantu

UMaharaj noTheo Pillay, abangamalungu ekomidi elishumayela ukuthula kule ndawo, iPhoenix Peace Committee, bebengabanye babebehlela lo mqhudelwano webhola obuse-Eastbury ngomhla ka-1 kuNcwaba.

Ngokwesikhangiso salo mqhudelwano, wawuhlelelwe “ukuvuselela ukuthula nokuzwana emphakathini wethu nokubuyela ezinsekweni zokuphilisana kwezinhlanga ezehlukene.” 

Amaqembu abaneminyaka engaphezu kwengamashumi amahlanu (50) nawabaneminyaka engaphansi kweyishumi nantathu (13) ayemenyiwe esuka ezindaweni ezifana naKwaMashu, Newlands nasePhoenix yiwo abedlala kulo mqhudelwano. 

“Njengoba ngiwumuntu wezemidlalo nje, ngaphakamisa ukuthi, uyazi yini, kungani singahleleli abantu umdlalo webhola sibakhombise ukuthi sawusebenzisa kanjani ngezikhathi zobandlululo ukubhidliza izindonga ezazisihlukanisile.  Nakhu phela sesiphinde saba nale nkinga,” kusho uPillay.

Izingane ezisencane ebezikule midlalo zenze ukuthi kunganakeki ukushuba komoya njengoba bezizidlalela zinganake lutho. Ukuncintisana bekushubile kodwa bekudlalwa ngomoya wobungani. IClayfield Sporting, yaseClayfield Unit 5 khona ePhoenix, beyingagqamile ngenxa yobulivilivi bemibala yayo kodwa nangokuthi beyinabadlali bezinhlanga ezehlukene. 

Leli qembu belixube izinhlanga futhi kulo kukhona namantombazane amabili asemancane osekunesikhashana eyingxenye yaleli qembu eselineminyaka engu-25 lasungulwa. 

Omunye walamantombazanyana bekungu-Amahle Nono Khuzwayo oneminyaka eyishumi nane (14). Wayevimba kahle emuva futhi ekhombisa ukuba bukhali noma eya phambili. 

“Ubabomkhulu wami wayelidlala naye ibhola. Wayehamba nami uma eya la babezicijeka khona, nami ngagcina sengijoyine iClayfield. Uyena owaba ngumqeqeshi wami wokuqala,” kusho u-Amahle othe isifiso sakhe wukugcina efike kwiBanyana Banyana la iqhawe lakhe u-Andile Dlamini eseyisethenjwa sikanozinti khona. 

Ekhaya lika-Amahle kusePhoenix, kodwa wayevakashele ekhabonina eNanda ngesikhathi kuqubuka izibhelu. Wayengaqondi kahle ukuthi kwenzekani. “Bangitshela ukuthi amaNdiya ayasibulala,” usho kanje uma ebuzwa ukuthi abazali bakhe bathini kuye ngokwakwenzeka. 

“Angizange ngithuke ngoba ngiyawazi amaNdiya. Amanye awo sidlala nawo eqenjini leClayfield.” 

Amava abaluleke ukwedlula ijubane 

Yize izinhloso zalo mqhudelwano bezizinhle, ukuba yingxenye yawo bekungesona isinqumo esilula kwabaningi. Omunye walezi zingane watshela umngani wakhe sakuncokola wathi utshele abazali bakhe ukuthi uyodlala eMaotana, hhayi ePhoenix ngoba bebengeke bamvumele aye lapho. 

“Sahlukana phakathi ngesikhathi sithola isimemo salo mqhudelwano,” kusho uThemba Ndlovu oneminyaka engamashumi ayisithupha nesishiyagalolunye (69). UNdlovu, obengazibekile phansi ngaphandle kulayini ekhombisa ngezimpawu abadlali afisa bakwenze ngesikhathi kudlala iqembu lakhe, ubeyingxenye yeqembu lezinkakha zaKwaMashu, iKwaMashu Legends ebizwana amandla nePhoenix All Stars. 

“Bekukhona labo abathi singalubeki lapho, bethi lona ngumgoga nje esicushelwe wona AmaNdiya. Bathi afuna ukusibulala kahle sesihlangene ndawonye endaweni yawo. Kukhona nelinye iqoqo ebelingenankinga nokuzodlala, ikakhulukazi ngoba umqhudelwano uhlelwe ngabantu esidlala nabo kwiligi (yabaneminyaka engaphezu kwengamashumi amahlanu).

“Sinabo nabadlali beKwaMashu Legends abahlala ePhoenix. BangabakwaMashu ngokuzalwa kodwa sebathuthela ePhoenix, bahlala namaNdiya.  Ngakho uma uthi awufuni ukuba yingxenye yemizamo yokudala ukuthula, akusho lutho ngoba uma amaNdiya efuna ukusibulala ngampela azobulala ozakwethu laba abahlala ePhoenix. Bekubalulekile kwabanye bethu ukuthi kube nokuthula ePhoenix ukuqinisekisa ukuphepha kozakwethu nabangani abahlala khona. 

“Sigcine sizile. Siyishumi nantathu sesisonke ngoba abanye benqabile ukuhamba nathi. Kumnandi futhi izinto zahamba kahle kakhulu.”

Umdlalo wabaneminyaka engaphezu kwamashumi amahlanu (50) yiwo owawumnandi kakhulu. Njengoba ijubane lingasekho nje kubo, bebesebenzisa amava. Indlela abebenikezelana ngayo ngebhola beyenza singabi khona isidingo sokuthi lijahwe. Kodwa bekuthi uma like lavela ibhola elidinga ukugijinyelwa, kuvuke usinga bazame kodwa imizimba ibakhumbuza ukuthi iminyaka ayisavumi ukwenza ezinye izinto ababezenza besebancane. 

Ithuluzi lokwakha ubumbano

Ngemuva kwezibhelu zango-1949, ibhola lasetshenziswa ukuhlanganisa abamdabu wase-Afrika nalabo uhulumeni wobandlululo owawubahlukanisile kwabanye ngokuthi bangamaNdiya. 

Umqhudelwano owawuhlanganisa isinhlanga ezehlukene, iNatal Inter-Race Tournament wamiswa ngo-1949 ngenxa yezibhelu, kodwa ngonyaka olandelayo wadlalwa ngenhloso “yokugqugquzela ukusebenzisana phakathi kwezinhlanga ukuze kuhlaliswane kahle,” kusho uGeorge Singh, okuthe ngokuhlanganyela no-SL Singh nabikela ngendebe iSingh Trophy etholwe yiqembu eliwine umqhudelwano.  

“Akumele kube noqhekeko,” kusho uPillay. “Singumndeni owodwa. Siyisizwe esisodwa esihlangene… Lento esidalwe yilezi zibhelu emphakathini wethu ibuhlungu. Labo abenze izinto ezimbi kumele baboshwe, kuzo zombili izinhlangothi. Ukuthi usuka emphakathi A noma B, ngeke uvele uzithathele umthetho uwubeke ezandleni zakho bese kuphela kanjalo. Kumele ukuhlawulele lokho ngoba usudale ukuphazamiseka okukhulu emiphakathini yethu.” 

Kodwa ke kuncane okungenziwa yibhola lilodwa, ikakhulukazi uma kwalona liyingxenye yenkinga. Yize inkundla yase-Eastbury ingekho ezingeni lomhlaba, ingcono kakhulu kunezinkundla ezisemalokishini akhelene nePhoenix okuhlala kuwo abokudabuka e-Afrika.

“Iligi yethu (yabaneminyaka engaphezu kwengamashumi amahlanu) inabadlali abavela ezindaweni ezihlukene nasezigabeni ezehlukene zempilo. Ukube besinezinkundla ezisezingeni elemukelekile KwaMashu, besizoke sibameme nathi beze ngakithi ngoba lokho bekuzosiza ekulungiseni ubudlelwano,” kusho uNdlovu. 

“Thina siyahamba siyodlala ekuhambeni emaNdiyeni, kodwa wona awezi ukuzodlala ngakithi ngoba asinazo izinkundla. Sesibadala ukuthi singadlala ogwadule lwezinkundla ezinganakekelwa futhi ezinye zazo azinalo nongwengwe.

“Inkundla yethu yasekhaya, ukwenza isibonelo nje, iseParlock ngoba izinkundla ezinakekelwayo nezisesimweni esihle zisezindaweni okwakungenzamaNdiya kudala. 

“Iyodwa kuphela inkundla esile KwaMashu, yiPrincess Magogo Stadium. Kodwa umasipala ngeke wasivumela sidlale kuyo. Sesike sazama ukucela. Basitshela ukuthi leyo nkundla ngekasibanibani. Ibhola liyithuluzi elibalulekile ekuhlanganiseni imiphakathi ehlukene. Uma siqeda ukudlala, sivula iziphuzo ezibandayo namabhodlela engingeke ngisho ukuthi awani. Uma umdlalo uphele ngehora lesithathu ntambama, kuyenzeka sihlale kuze kushaye ihora lesishiyagalombili noma lesishiyagalolunye ebusuku, sizihlalele nje sizincokolela.” 

Indlela ehlukile yokwenza izinto 

Umbuso wentando yabantu awukakwenzi okwanele ukususa umsizila wombuso wobandlululo, la ingqalasizinda yezemidlalo kwakuyinto eyakhiwa ezindaweni zabelungu kuphela.

“Ingxenye yendlela yokuya phambili kumele kube wukuthi sikuvume ukuhluleka njengezwe elibuswa ngentando yabantu,” kusho uRavi Pillay, oyilungu lesigungu esibhekelele ukuthuthuka komnotho, ezokuvakasha nemvelo KwaZulu-Natal. 

“Kufanele ukube uzwile khona manje kukhona okhalaza ngesimo samagumbi okushintshela lapha kule nkundla. Yikho lokho ukwehluleka kwethu. Isifundo kimi ukusuka manje kuya phambili wukuthi kumele sithole indlela yokwenza izinto sisuka phansi siye phezulu. 

“Akukho ke ukuba phansi okudlula ukuba la (ebholeni lama-amesha asemancane) Ukuvuselela le nkundla ngeke kube yinto ezodla izigidigidi zemali. Kudinga imadlala nje, nokuhlanganyela nomphakathi. Yindlela yokwenza izinto entsha leyo okumele siyithuthukise. Akumele kuze kukhishwe amathenda.” 

Izibhelu neCovid-19 kuphoqa ukuthi iningi lemali kahulumeni ifakwe kwezempilo nezemfundo. Kunezimali ezinqanyuliwe ezingasangeni okuyinto uhulumeni waKwaZulu-Natal okumele uyamukele. Lokhu kwenziwa wukuthi kuthi uma kubalwa abantu, kubikwe nokufuduka kwabantu KwaZulu-Natal kuvele ukuthi kumele incishiswe imali efakelwa lesi sifundazwe. 

Lokhu kusho ukuthi ukufakwa kwemali ekuthuthukiseni ingqalasizinda yezemidalo emazingeni ama-amesha kusemuva kakhulu ohlwini lwezinto ezibalulekile esifundazweni.

“Siyalwa nabo (abomnyango womgcinimafa kahulumeni) ngaso sonke isikhathi ngoba sihlale sithi ukubalwa kwabantu kumele kwenziwe ngoKhisimuzi uma wonke umuntu waKwaZulu-Natal ebuyile, esekhaya,” kuncokola uRavi Pillay. 

UTheo Pillay yena uthe, “Bewungekho ugesi enkundleni, ngakho kuze kwadingeka sithole indawo lapho sizowuxhuma khona. Kudingeke sithole namalavathi angomahambanendlwana ngoba awekho lapha. Kulesi sikhathi esikuso njengamanje, akulungile neze ukungabi nayo ingqalasizinda ebalulekile emiphakathini yethu. Nginesiqiniseko ukuthi yisimo esifanayo kuzo zonke izindawo ezingaphandle kwePhoenix. Lento isithikameza sonke. Abadlali bazo zonke izinhlanga kumele babe nazo lezi zinsiza.  Kungani labo abaphethe izwe bengazilungisi lezi zinto? Ukunganakekelwa kwezidingo zabantu KwaZulu-Natal kuyihlazo elibi. Kumele sihlangane sibhekane nalokhu. Asibaphoqe ukuba basisebenzele labantu ababekwe ezikhundleni zokusiza umphakathi.” 

Ukuhlangana komphakathi ukuhlela lo mqhudelwano kuyancomeka. Abantu bafake amandla, bakhipha nezimali zabo base behlangana ukuqinisekisa ukuthi lo mqhudelwano awugcini nje ngokuba yimpumelelo kodwa uba yisinyathelo, noma ngabe sincane, esibheke ekuvuseleleni ukuzwana, ukuhlalisana nokuxhumana okuphazanyiswe yilabo abacwasa ngobuhlanga nezigilamkhuba abebehambisana nazo.

Le ndlela yokwenza izinto ihlangene nokwenziwa kobulungiswa odabeni lwalabo ababulawa kuzoba yisiqalo esihle ekwelapheni izilonda emphakathini ezidaleke ngenxa yezibhelu ezicishe zawuhlukanisa phakathi umphakathi.

Read the original article in English:

If you want to republish this article please read our guidelines.
+ posts