About Features News Sport Analysis Editorial Culture Podcasts

Izakhamizi zaseJika Joe ‘ziyihlohle umunwe esweni ingwenya’ zifuna ukunakwa

Le ndawo eyimijondolo eseMgungundlovu isiphenduke isibonelo sokudembesela kwezikhulu nokuphila ngendlela engabafanele abantu. Kodwa manje izakhamizi sezijikile, sezithole indlela yokwenza izikhulu …

Author: loading...

24 February 2022

Ihunyushwe: nguSibongiseni Gumbi

Abantu baseMsunduzi abasamkhumbula bathi uJika Joe wayeyisikhulu samatekisi esinesandla esiqinile futhi enolaka. Washona eminyakeni eminingi edlule, kodwa le ndawo eyimijondolo eseduze nedolobha laseMgungundlovu eqanjwe ngegama lakhe seyiphinde yaba sematheni keluzi zinsuku. 

Lokhu kulandela ukuthi izakhamizi zakhona zingene emgwaqeni onguthelawayeka uN3 odlula eduze nale ndawo futhi ongumthambo womnotho waKwaZulu-Natal zawuvala thaqa zizama ukuphoqa izikhulu ukuba zizolalela izikhalo zazo.

Izikhulu zibonakala zisenokungabaza ngokuthi kumele zilungenelele kanjani lolu daba lwazo, kanti lokhu sekwenze zathola ukugxekwa ngokudedela amasosha ombutho wezokuvikela izwe kule ndawo. Le ndawo seyikhule kakhulu kusukela yasungulwa ngo-1994, kodwa izakhamizi ezimbalwa ezisamkhumbula uJika Joe zithi wayesiqinisa isandla kodwa eneqiniso kakwenzayo.

UZodwa Kweyama, oneminyaka engamashumi amahlanu (50), ongusihlalo weziko lenhlangano Abahlali baseMjondolo kule ndawo uthi, “UJika Joe wayeneqiniso. Wayengumehluleli ongenzeleli. Sasiphephe kakhulu ezigebengwini ngaphansi kwakhe. Wayengadlali neze ngathi.”

Ngomhla ka-16 kuNhlolanja 2022: UZodwa Kweyama, umholi waBahlali baseMjondolo eJika Joe.

Sebebalelwa ezinkulungwaneni ezine (4 000) abantu asebehlala kule ndawo enezindlu ezakhiwe ngezingodo, ocwazi nothayela empintsheke phakathi kwedolobha laseMgungundlovu, umfula iDorpspruit ovamise ukugcwala ngokweqile bese kuba nezikhukhula, nothelawayeka womgwaqo uN3.  

Le ndawo ingubufakazi obugqamile bokwehlulela kohlelo lokulungisa izinkinga zokuhlaliswa kwabantu. Amagundwane ayaphithizela endundumeni yezibi enephunga elibi ikakhulukazi uma kushisa ehlobo. Amathoyilethi emgodi nawo akhipha elawo iphunga elibi, kanti nompompi abafakwe umasipala wendawo abanayo imisele yokugelezisa amanzi okwenza kube namaxhaphozi eduze kwabo. 

Izakhamizi zaseJika Joe zihlupheka ngendlela exakile kanti ziphila ngokwesaba. “Sihlezi sinovalo lokuqubuka komlilo,” kusho uKweyama. “Kodwa esikwesaba kakhulu ukushaywa wugesi. Nkosi yami, izinyoka-nyoka. Uma ungabagadi ngaso sonke isikhathi abantwana, bazofa.” Izakhamizi zithi abantu abayishumi nanye (11), okukhona kubo izingane ezincane ezintathu, bashaywa wugesi ngonyaka odlule ngenxa yezintambo ezizilengelayo ezibizwa ngezinyoka-nyoka ezidabula phakathi kwemijondolo kule ndawo. 

UKweyama usehlale eJika Joe kusukela eneminyaka engamashumi amabili nantathu (23). Uthi le ndawo inika abantu abafika edolobheni bezosebenza noma bezofunda indawo eshibhile yokuhlala. 

Ukungenami, ukuphazamiseka 

Usizi lwaseJika Joe lugqanyiswa kakhulu wubukhazikhazi bezindlu zesimanje ezakhiwe uhulumeni eduze nale ndawo. Lezi zindlu eziyizitezi ezine zipendwe ngemibala egqamile kanti zibiyelelwe. Lezi zindlu sekuphele izinyangana impela zibiyelwe yize ezingamakhulu amane nane (404) kulezi ezingamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha (760) okuhlelwe ukuba zibe kule ndawo sezikulungele ukusetshenziswa. Uhulumeni usuzibophezele ekutheni zonke lezi zindlu zizobe sezikulungele ukuthi kungenwe kuzo ngoNhlaba.

Kodwa izikhulu zisaphikisana ngokuthi ngobani abazongena kulezi zindlu esezidle izigidi eziyikhulu namashuni ayisithupha nane zamarandi (R164 million).

Sekufufusa ukungenami nokungezwani ngokwabiwa kwalezi zindlu osekusukumise amalungu Abahlali baseMjondolo ayovala uN3 amahlandla amane phakathi komhla ka-27 kuMasingana kuya kumhla ka-10 kuNhlolanja ngoba bese “bekhathele ukuhlala odakeni okwezingulube”, ngakho bavele banquma “ukubhekana nale nkinga ngqo”. 

UKweyama uthi izibani ezikhanya emgwaqeni onguthelawayeka uN3 zifana namehlo ahlezi evulekile, afana nawengwenya. “Yingakho ke sinqume ukuthi siyihlohle umunwe esweni le ngwenya ukuze bezosinaka… Ngeke ngisakubalela ukuthi kukangaki sibhalela umasipala sicela ukuxoxa nawo.”

Ngomhla ka-16 kuNhlolanja 2022: Izindlu ezakhiwe ngumasipala waseMsunduzi okungahlali muntu kuzo.

Ngesikhathi ukuvala kwabo lo mgwaqo sekuphazamisa ukudlula kwezimoto kuleli dolobha, kwabe sekuqala kubonakala izikhulu zicothoza eJika Joe zizama ukuqala izingxoxo, kusho uKweyama. Ngaphambi kwalokho, babevele bazindezele nje uma becelwa ukuba kuxoxwe. 

“Sesiphinde sabona ukuthi ukuze kube nokulalelana kumele abantu bangene emgwaqeni ngoba kulapho uhulumeni eqala khona ukuxhumana nabo,” kusho Abahlali baseMjondolo. “Lena yiyona kuphela indlela uhulumeni oholwa yi-ANC okwazi ukuzwa ngayo uma kukhulunywa nawo. Basinaka ngoba sesibaphoqile ukuthi basinake.”

Umhlaziyi wepolotiki uDale McKinley ugxeke izikhulu zaseMsunduzi ngesinqumo sazo sokuphaka amasosha kule ndawo. Abahlali baseMjondolo sebeke baveza izinsolo zokuthi ababebhikisha bevale umgwaqo bazithola sebexhashazwa amasosha “nezinkabi zasematekisini”. Le nhlangano ithi izinkabi zasematekisini zahlasela abahlali baseJika Joe kulesi siteleka sakamuva ngesikhathi benqaba ukususa izinto abebevale ngazo uN3. Isakhamuzi uSandiso Mazendala walimala kabi kulesi sigameko. 

UMcKinley uthi ukudedela amasosha kwenza ukuhlupheka kube sengathi kuyicala. “Izindawo zokuhlala yinkinga endala futhi iyisibonelo sokuhluleka kukahulumeni ukwenza umsebenzi wawo. Okwenzeka eJika Joe kungubufakazi bale nkinga esiphuma esandleni, ukulethwa kwezidingo ngendlela enobugebengu phakathi, okwenziwa kakhulu yi-ANC, evele ifune konke kuze kuyo bese kuhlukanisa umphakathi ngokuthi uthembeke kuluphi uhlangothi. Iphutha lombuso kulokhu ukuletha amasosha ngoba amaphoyisa asezandleni zezigebengu ngendlela yokuthi akukho angakwenza. Amasosha awanalo ulwazi lokubhekana nalesi simo,” kusho yena. 

“Umbuso uvala intuba yokuthi kuxoxiswane ekubeni abantu bezitshiwe. Ngakho ke into eyodwa abasele nayo ukuthi babhikishe, baphazamise uzinzo,” kwengeza uMcKinley.

Ukudedelwa kwabophiko lwezokuphepha kwezwe kwaba wuphawu “lokuvuma ukuthi umbuso uyehluleka ukuxoxisana nabantu bawo”, kusho umengameli waBahlali baseMjondolo uS’bu Zikode, owengeze ngokuthi wazama ukukhuluma nomnyango wokuhlaliswa kwabantu kodwa akangaphumelela. “Ubuholi abukho nhlobo. Uma udedela amasosha namaphoyisa usuke ugqugquzela udlame. Abafuni kuxoxwe.”

‘Ayikho enye indawo esingaya kuyo’

UKweyama uthi abahlali sebephelelwe yisineke. “Asilutholi usizo. Sicela umasipala ukuthi usisize ngezinto ezilula nje njengokuqoqwa kwezibi, kodwa lutho, udoti uyatakelana lapha. Bakha izindlu okwathiwa ezokubambisa, ezesikhashana kodwa sekuphele ishumi leminyaka zikhona. Bakhe nalezi ezinye eziyizitezi kodwa sizwa kuthiwa kuzongena kuzo izinkakha zoMkhonto weSizwe.” 

Uthi abahlali bahlale bebhekene nengozi yomlilo, izikhukhula, ukungcola nomasitende abangogombela kwesabo ngoba le ndawo iseduze nedolobha, izikole nesikhungo sokulahla izibi sikamasipala. “Iningi lethu alinayo enye indawo elingaya kuyo. Abantu abaningi baziphilisa ngokuhlunga abangakudayisa kulesi sikhungo okulahlwa kuso udoti. Abanye benza imisebenzi efana nokuthunga nokushisela.” 

UMncedisi Khanyile, oneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu (35), nomngani wakhe uSbonelo Gambu, oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili (38), abasebenzi bobabili. “Impilo inzima lapha,” kusho uGambu, ehlezi ngaphandle kwendawo edayisa utshwala, “kodwa yini esingayenza?”

Umnikazi wesitolo uMoses Goethe, oneminyaka engamashumi amathathu nesikhombisa (37), usikhombise omakhelwane abazisebenzayo bezama indlela yokuphila. “Abantu abawona amavila. Bayazama ukusebenza nokusizana. UNkulunkulu uyakwandisela uma usiza abampofu,” kusho yena.

Ngomhla ka-16 kuNhlolanja 2022: UMoses Goethe, eme ngemuva komthungi uMula Dase, uthi abantu kule ndawo basebenza kanzima ukuze baphile.

“Angithandi neze ukuhlala lapha,” kusho uNokuthula Mvelase, oneminyaka engamashumi amane nesikhombisa (47). “Kodwa kuseduze nedolobha. Ngibamba amatoho ngenza imisebenzi yokusiza ezindlini. Nginezingane ezine okumele ngizondle. Isimo sesiphenduke sasibi kakhulu uma ngiqhathanisa nangesikhathi ngifika la eminyakeni eyishumi nesishiyagalolunye (19) edlule. Kodwa uma ngingathi ngiyashiya ngingayaphi?”

UNdukuyakhe Ngubane, oneminyaka engamashumi amane nambili (42), uchaza ngesimo esibucayi sabahlali baseJika Joe ngesikhathi ewasha izimpahla zakhe ebhakedeni. “Sihlala la. Ayikho enye into esingayenza. Sihlalele ethembeni lokuthi izinto zizojika, isimo sibe ngcono… Ukwakhelwa ithoyilethi elinamanzi athutha indle kungafana nokuwina iLotto.” 

Nokho into ebaluleke kakhulu engenzeki, ngokusho kwakhe, ukuthuthwa kwezibi. Abahlali banxuse umasipala nyakenye ukuba uqoqe izibi.

Ngomhla ka-16 kuNhlolanja 2022: Isakhamuzi saseJika Joe uGladys Shabalala.

Njengoba zingekho izinsiza zokulahla izibi, udoti uyaqonga kule ndawo. “Ngiyadla ngiphinde ngilale eduze kwakho lokhu kungcola,” kusho uGladys Shabalala, oneminyaka engamashumi amahlanu nesishiyagalombili (58). “Le ndawo igcwele amagundwane azigcaluzela ngokuthanda kanti lokhu kuyabagulisa abantu.” 

Ubaba u-Alpheus Ngcobo, oneminyaka engamashumi ayisikhombisa (70), ongomunye wezakhamizi ezindala zaseJika Joe, usikhombisa indlu yesibambiso eyakhiswa umasipala eminyakeni eyishumi nanhlanu (15) edlule. “Bathi yizindlu zesibambiso, zesikhashana. Kwenzeka kanjani iminyaka enyishumi nanhlanu ibe yisikhashana?”

Umasipala wazisa umphakathi ngoNtulikazi nyakenye ukuthi ufuna ukubathuthela kulesi sakhiwo esisha esiyizitezi kodwa uma bezovuma ukukhokha imali yokuhlala khona. Awuzange ukwenze esidlangalaleni ukunikezelwa kwalezi zindlu. Awuzange usho nokuthi yibaphi kulaba bahlali baseJika Joe ababalelwa ezinkulungwaneni ezine (4 000) abazothola lezi zindlu ezintsha ezibalelwa emakhulwini amane (4 00).

Ukwesaba nezinsolo

Ilungu lesishayamthetho saKwaZulu-Natal elimele iDA uHannah Winkler ufake isicelo sokunikezelwa ngolwazi emnyangweni kazwelonke wokuhlaliswa kwabantu ngomhla ka-15 kuNhlolanja, ecela uhlu lwabazonikezwa izindlu kulolu hlelo lwezindlu zaseJika Joe. Uthi i-ANC yenqaba ukuchaza ngokuthi ngabanjani abazozithola. Ukudideka nokufihlwa kwezinto ngabazothola izindlu sekuqubule izinsolo phakathi kwabahlali ngokuthi zizonikezwa labo “abasondelene nabangabangani nabezepolitiki”. 

Uzakwabo kaWinkler kwiDA uMartin Meyer, osekomidini lesishayamthetho saKwaZulu-Natal elibhekelele ukuhlaliswa kwabantu, uthi umasipala wathi kwenziwa ucwaningo ukuthola ukuthi abahlali baseJika Joe bengakhona ukukhokha malini. Kodwa lokhu kubukeka kungasebenzanga njengoba baba yikhulu namashumi ayisikhombisa kuphela abahlali baseJika Joe abafaka izicelo zokuyohlala kule ndawo uma kuzokhokhwa. UMeyer uthi izakhamizi zisaba ukuthi kuzolandwa abantu bangaphandle bafakwe kulezi zindlu ezintsha abazobe sebebaqashisela zona. 

UMeyer uthi uhlelo lokuthuthela izakhamizi zaseJika Joe kwenye indawo engakathuthukiswa eqhele ngebanga elingamakhilomitha angamashumi amabili (20) luyisihluku esibi. “Angazi ngampela ukuthi isixazululo kungaba yini,” kusho yena. “Umasipala udinga kukhokhwe kulezi zindlu ezintsha ukuze ukwazi ukuvala izindleko zokugcinwa kwazo zisesimweni esifanele, ngakho ngeke ujike. Nabahlali baseJika Joke ngeke bajike nabo.”

Ngomhla ka-16 kuNhlolanja 2022: Indlela ebukeka ngayo imijondolo yaseJika Joe eMgungundlovu uma ubheke ngasezindlini ezintsha ezakhiwe umasipala waseMsunduzi okungahlali muntu kuzo.

Wengeze ngokuthi ukwehlukana kwesimo sasemijondolo yaseJika Joe nezindlu ezintsha ezibonakala noma udlula ngoN3, namandla abahlali okumisa ukusebenza komnotho kuleli dolobha ngokuvala lo mgwaqo kuyisibonelo sokwehluleka esigqame kuhle kwekati elimhophe lithwabaza ehlungwini. 

Imizamo yokuthola ukucaciseleka ngalolu daba kumasipala uMsunduzi ayiphumelelanga. Kodwa amaphepha afakwe yilo masipala ekomidini lesishayamthetho sesifundazwe wona ayakuveza okuncane. 

Kuvela ukuthi imali esisetshenzisiwe njengamanje kulolu hlelo lokwakhiwa kwezindlu kule ndawo yaseJika Joe, olubekelwe izigidi ezingamakhulu amane namashumi amane nanhlanu zamarandi (R445 million) ingamaphesenti angamashumi amathathu nesikhombisa (37%). La maphepha aveza ukuthi kubhekwe ukuthi izakhamizi zikhokhe amakhulu ayisithupha amarandi ngenyanga ukuhlala kulezi zindlu ezintsha.

Umasipala ubunethemba lokuqoka ozobhekelala ukuphathwa kwalezi zindlu nokufakwa kwabazohlala kuzo. Kuvela nokuthi yize bekhona abangasibona abaseJika Joe abafake izicelo zokuhlala kulezi zindlu kodwa kuzobekwa phambili abaseJika Joe. 

La maphepha acaphuna nenhlolovo eyenziwa emphakathini eveza ukuthi imindeni eyinkulungwane namashumi amabili nantathu (1 023) kweyizinkulungwane ezintathu nanhlanu (3 005) yaseJika Joe ingakhona ukuhlala kulezi zindlu ikhokhe, kodwa ayivezi ukuthi yini eyayibhekwa kule mindeni eyenza kuthiwe ingakhona ukukhokha. Ayivezwa nendlela okuzonikezelwa ngayo izindlu.

Ngomhla ka-16 kuNhlolanja 2022: Abahlali baseJika Joe bathi izibi ziyanqwabelana kule ndawo ngoba umasipala uyanqaba ukuziqoqa.

Read the original article in English:

If you want to republish this article please read our guidelines.
+ posts