About Features News Sport Analysis Editorial Culture Podcasts

‘ISoweto Book Café isondeza izincwadi kubantu’

Le ndawo eseZondi yasungulwa nguThami Mazibuko kanti ingumtapo wolwazi, igumbi lokufundela iphinde ibe yilapho umphakathi uthola khona ulwazi lokufunda nokubhala. Yakhelwe ukusiza zonke izigaba zom…

Author: loading...

28 March 2022

Luhunyushwe: nguSibongiseni Gumbi

Ngesikhathi uThami Mazibuko ebuyela ekhaya eZondi, eSoweto ngo-2015 kulandela ukuhlala edolobheni laseGoli iminyaka embalwa, washeshe wakuqaphela ukuthi azikho izitolo ezidayisa izincwadi kuleli lokishi – ayisaphathwa eyeziphethwe ngabantu abamnyama.  

“Abantu basemalokishini nasezindaweni ezazicindezelekile phambilini abanayo indlela yokuthola izincwadi. Izincwadi ziyivela kancane kubo. Abekho abantu abamnyama abasebancane abanezitolo ezidayisa izincwadi eSoweto,” kusho uMazibuko. 

Lena yiyona kanye indlela umcabango wokuvula iSoweto Book Café owavela ngayo. Waqala ngezincwadi ezingamashumi amathathu (30) ayeziqokelelele zona ngokwakhe. Abangani babe sebenikela ngezabo kwaba wukuqala kokukhula “kwesitolo” sakhe – kuke kwanesikhathi la bekunezincwadi ezehlukene eziyizinkulungwane eziyishumi (10 000) kule ndawo yakhe.

Ngomhla ka-12 kuNdasa 2022: USindisiwe Zulu, oneminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27), ungomunye wabasunguli bohlelo lokufunda iReading is Super Cool, olugxile ezinganeni ezineminyaka ephakathi kwemine neyishumi nesithupha. UZulu nguye ofundela izingane izincwadi eSoweto Book Café.

Kwabe sekuba nesikole esanikela ngazo zonke izincwadi zomtapo waso wolwazi okwakukhona kuzo izincwadi zezifundo ezikhethekile namanoveli esiXhosa, isiZulu, isiSuthu nezinye izilimi ezehlukene. 

Kulapho ke uMazibuko abona khona ukuthi sekushaye isikhathi sokuthi angagcini ngokuqoqa izincwadi nje kuphela, kodwa kumele athole nendlela yokwabelana ngazo nabanye. Yilapho okwaqala khona ukuthi amalungu omphakathi efika athathe noma yiziphi izincwadi azidingayo mahhala. Wabe esezidlulisela ezikoleni ezehlukene eSoweto ezinye zezincwadi. Ukulangazelela izincwadi abazozifunda kwabantu baseZondi kusukela ezinganeni kuya kwabadala kwammangaza. UMazibuko wabe esesheshe ebona ukuthi lento ayiqalile ingagcina ingaphezulu kwesitolo nje njengokucabanga kwakhe. 

Umcabango wokuthi asibize ngomtapo wolwazi waqhamuka nezingane ezazithutheleka ngobuningi kule ndawo yakhe. Bazisholo bona abantwana ukuthi abanawo umtapo wolwazi oseduze nala behlala khona kanti abawaziyo yilo eseMndeni noseMofolo eqhele ngamakhilomitha amahlanu kuya kwayishumi uma usuka eZondi.

“Wawuthola kuqhamuka umuntu osekhulile okuthandayo ukufunda kodwa ongenazo izincwadi ethi kuwe, ‘Oh kanti unezincwadi lapha, ngangikuthanda ukufunda, mhalwumbe sekumele ngibuyele kukho’,” kusho uMazibuko. Lezi zingxoxo ezinjena nendlela umphakathi owayamukela ngayo iSoweto Book Café yikho okumfaka umfutho wokuthi aqhubeke uMazibuko. 

Ukwakha umphakathi

USindisiwe Zulu ufundela izingane izindaba ezincwadini futhi ungumbhali kanti unanenhlangano engezi nzuzo esebenzisana neSoweto Book Café. Le ntokazi igxile kakhulu ekuphuculeni amakhono okufunda nokubhala ezinganeni ezisencane eJabulani, eZondi naseMofolo. Ukusebenza kwakhe engxenyeni yezincwadi zezingane emtapweni wolwazi waseJabavu yikho okwamfaka umfutho wokuthi aqale isigungu sokufunda izincwadi ekhaya kubo. Kungaleso sikhathi aqaphela khona ukuthi ingane kadadewabo omdala yayinenkinga esikoleni. Kwathi uma eyibuza ukuthi inkinga ikuphi, le ngane yathi kuye, “IsiNgisi. Asikwazi ukusifunda. Kokunye siyasifunda kodwa singakuqondi esikufundayo.”

Ngomhla ka-12 kuNdasa 2022: USindisiwe Zulu enomunye wezingane asebenzisana nazo ohlelweni lokufunda uBongiwe Seshiya, oneminyaka eyishumi nane (14).

Kulapho ke umcabango wenhlangano yakhe owaqhamuka khona. Njengeshoshozela lokufunda, wabe esehlanganiswa noMazibuko neSoweto Book Café, okuyindawo eyavele yafana nekhaya kuye. Ubudlelwano balaba ‘bantu bezincwadi’ sekuzale izinhlezo eziningi ezehlukene zeSoweto Book Café, okukhona kuzo nezifundo zangeMigqibelo zezingane ezineminyaka emine kuya kwezineshumi nesithupha (16), ezethulwa nguZulu. 

U-Anele Ndlovu oneminyaka eyishumi nane (14) wezwa ngomngani ngeSoweto Book Café, wabe esethatha udadewabo nabangani ababambalwa ukuya khona kanti manje sebengabantu bakhona. Usenanegama abiza ngalo uMazibuko njengoba embiza “ngoMalume Tee” kanti le ndawo seyiyinto enkulu ezimpilweni zezingane zasendaweni – kulapho bethola khona ukwelulekwa, ukwesekwa nosizo njengoba besafunda impilo elokishini. 

“Ngiza lapha ukuzozichithela isikhathi, ngishaywe umoya bese ngiqaqa nengqondo uma ngizizwa nginokhwantalala. Ngifika lapha ngifunde incwadi ngokuthula… le ndawo ikwenza ukhululeke kanti noMalume Tee unomoya omuhle futhi uyasisiza ngezinto eziningi,”  kusho uNdlovu. 

Izincwadi zakha amabhuloho

UMondi “Mordecai” Loni unebhizinisi elincane lokushicilela izincwadi eSoweto kanti wahlanganiswa noMazibuko ngumngani wabo bobabili onesitolo sezincwadi eMaboneng phakathi edolobheni laseGoli. 

Kunezincwadi eziyishumi emashalofini eSoweto Book Café ezishicilelwe nguLoni kule minyaka eyishumi enza lo msebenzi. Lokhu kuwubufakazi bomthelela weSoweto Book Café nokuthi iwavule kanjani amabhuloho awelela emathubeni amasha kubantu abasebasha abasendimeni yokushicilela. 

“ISoweto Book Café isondeza abantu ezincwadini,” kusho uLoni.

KuJabulani Masimuli, ongumholi womphakathi nomeseki omkhulu wezinhlelo zeSoweto Book Café, le ndawo inika izingane zasendaweni indlela elula yokuthola ulwazi ukuze zazi ukuthi kwenzakalani emhlabeni. 

“Into esishoda ngayo yizindlela zokwabelana ngolwazi… izingane ziyaqeda esikoleni bese zidinga ukuba nolwazi olwendlalekile lokwenza izinto, kanti nokuguquka kwezwe kusho ukuthi kumele sihlale sinolwazi ngokwenzekayo ngoba yonke into seyenziwa ngamakhompyutha,” kusho uMasimuli.

Ngomhla ka-12 kuNdasa 2022: UMonde “Mordecai” Loni, oneminyaka engamashumi amathathu nanye (31), ungumshicileli wezincwadi oseneminyaka emithathu esebenzisana neSoweto Book Café.

Omunye ofaka isandla nguSipho Ndlovu. Ukuxhumana kwakhe neSoweto Book Café kungenxa yenhlangano engenzi nzuzo angumphathi wayo. Bahlanganyele ezinhlelweni ezehlukene eziphethe ngokuthi babe nohambo oluya eGermany ngo-2019 ukuyohlangana nezinye izinhlangano ezinezinhloso ezifana nezabo. 

Ngokubona kukaNdlovu, iSoweto Book Café “isiza ukususa izindonga ezihlukanise abantu, ihlanganise abantu abahlukene endaweni eyodwa, kusukela ezinganeni kuya kwabadala”, okuyinto engafani nezinye izindawo ezingenakho ukwemukela abantu okwenza zigcine zingenabo abantu abazihambelayo. Inhloso ehlanganisa inhlangano yakhe neSoweto Book Café ‘wukubuyisela izincwadi emfashinini’ futhi lokho kubukeka bekwenza uma ubheka okwenzeka nsukuzonke eSoweto Book Café. 

Izinhlelo zekusasa zifaka nokuba nomcimbi omkhulu ozovulela ithuba abafundi, abashicileli nabathandi bezincwadi indawo yokuxhumana ukuvala isikhala esavuleka ngokuvalwa kwe-Abantu Book Festival, obekuwumcimbi obalulekile obewenziwa eSoweto kule minyaka embalwa edlule.

ISoweto Book Café seyiphenduke inqaba kayitshelwana kubantu baseZondi, eSoweto la betapa khona ulwazi njengoba kuyindawo abathola kuyo izincwadi, ubuciko obehlukene nokunye okuningi.

Ngomhla ka-12 kuNdasa 2022: Abantu abathanda ukufunda izincwadi behlangene eSoweto Book Café eZondi, eSoweto.

Read the original article in English:

If you want to republish this article please read our guidelines.
+ posts