About Features News Sport Analysis Editorial Culture Podcast

Izishoshovu zokuhlaliswa kwabantu zisengozini eThembisa

Ngenxa nje yokuba nesibindi sokubuza ngokungaphumeleli kohlelo lokutholelwa indawo entsha kwabantu abahlala emikhukhiwni besuswa kwenye sekufake amalungu Abahlali baseMjondolo enkingeni yokuzingelw…

Author: loading...
Photographer:
Illustrator: None

30 June 2022

21 June 2022: Workers build one-room, eight-by-eight metre shacks to which residents are being relocated. Picture: Ihsaan Haffejee

Read the original article in English

Luhunyushwe: nguSibongiseni Gumbi

Ukuze afike emnyango wendlu yakubo, uMusa Nonkwelo, oneminyaka engu-19, kumele agxume eqe ixhaphozi lamanzi angcolile futhi anukayo aphinde agade anganyatheli udaka yize kome yonke into eGauteng njengoba kuphakathi nobusika nje.

Ngaphakathi endlini, kunamanzi amfimfayo aqhamuka phansi. Uthi isimo siba sibi kakhulu uma kusehlobo. “Kuba kubi kakhulu uma kunezimvula ezinkulu ngoba lendawo ayiwamunci amanzi.” Minyaka yonke lo mkhukhu ahlala kuwo nogogo wakhe nezingane zakwabo ezine ungenwa amanzi kulimale nempahla.

UNonkwelo usehlale eDampini, okuyindawo eyimijondolo eseThembisa cishe impilo yakhe yonke. Ungumbhali wemidlalo yeshashalazi osafufusa osanda kuphothula izifundo zakhe zikamatikuletsheni futhi uyisishoshovu senhlangano Abahlali baseMjondolo.

UMelita Ngcobo, oneminyaka engu-41, ongumholi womphakathi nosihlalo waBahlali egatsheni elibizwa ngeVusimuzi, kanti nguye oqinisa uNonkwelo ukhakhayi ukuze abe ngumholi ongesabi ukhuluma ngokukhululeka ngokuzitshwa kwezimfuno zabantu abahlala emikhukhwini nguhulumeni.

Ngomhla ka-21 kuNhlangulana ka-2022: UMusa Nonkwelo, oyisakhamizi saseDampini, uthi uyalandelwa manje ngoba elwela ukuthi bathole indawo elungile yokuhlala.

Bobabili uNgcobo noNonkwelo sebengabantu ababi kwabathile ngenxa yomsebenzi wabo wokulwela ukuhlaliswa endaweni efanele ukuhlala abantu kwezakhamizi zaseDampini. Ngesikhathi bengena kwenye indawo eseduzane beyohlala khona ngasekuqaleni kukaNhlangulana, uNonkwelo uthi amaphoyisa kamasipala wase-Ekurhuleni adedela izinhlamvu zenjoloba ebhekisa kuye nezinye izishoshovu ayenazo ngaleso sikhathi.

UNgcobo, othi wake washaywa wabuye waboshwa ngamaphoyisa ngo-2019, uthi kunezinkabi ezimbili ezike zamfikela ekhaya lakhe eliseDampini zizomsabisa. “Kumanje sengiyasaba ukuthi kungenzeka ngilimale noma ngife. Mhlawumbe ngokuzayo ngeke bagcine ngokungethusa,” kusho lo wesifazane.

Njengoba kuvele kunokucoboshiswa osekwandile kwezishoshovu zaBahlali baseMjondolo nje, amalungu asegatsheni iVusimuzi azibona esenenhlanhla ngokuthi akekho osebulewe kuwo. Kushaye umhla ka-23 kuNhlaba nonyaka sebengu-23 abantu abangamalungu ale nhlangano abacoboshisiwe.

Ngeminyaka yo-1990, njengoba imiphakathi yaseThembisa yayikhula, kwasungulwa eDampini endaweni okwakuyisikhungo la kulahlwa khona izibi. Izibi ezigqitshwe ngaphansi kwala bakhe khona zenza amanzi angamunceki ashone phansi. Yize amanzi angcolile egcwele yonke indawo kule mizi, kodwa awokuphuza nokwenza eminye imisebenzi awekho. Umasipala sewuhlulekile ukuphakela lo mphakathi ngamanzi kanti izakhamizi zisebenzisa ompompi abambalwa abakhona ukufeza izidingo zazo zamanzi. Basebenzisa namathoyilethi athuthwayo kanti benza nemizamo yokugelezisa amanzi amfimfayo ngamapayipi angagqitshiwe nakahle.

Ukunganakwa kuyingcindezelo

UNonkwelo uyakhathazeka ngogogo wakhe odondolozela ngezinduku njengoba enqamula egcekeni lakwamakhelwane elingaqinile nelimfimfa amanzi. Ukumfimfa kwamanzi lokhu kwenza sibe sibi kakhulu isimo sakhe sezempilo njengoba enesifo esingelapheki nje.

UNonkwelo ukhathazeke ikakhulukazi ngoba amanzi asegcwele yonke imigwaqo yakule ndawo ngale ndlela yokuthi izimoto zabosizo lokuqala azikwazi ukuhamba kuyo.

“Asikwazi ukuthola izimoto zabosizo oluphuthumayo kwezempilo. Asitholi lutho nje. Sicindezelwe lapha,” kusho le ntokazi esencane. Izakhamuzi zakule ndawo zithi uma kukhona odinga ukuphuthunyiswa kwabosizo lokwelashwa bamphuthumisa ngamabhala lapho okuzokwazi ukufika khona izimoto ezizomthatha.

Lezi zimo zenza bobabili oNonkwelo noNgcobo babe nesifiso sokushiya eDampini njengabanye abayizakhamuzi zakule ndawo. Bafuna ukuthuthela endaweni engamakhilomitha amabili ukusuka eDampini eseduze naseZikode Village, okuyindawo okuqale ukuhlala kuyo ngo-2019 futhi eqanjwe ngomsunguli waBahlali baseMjondolo uS’bu Zikode.

Ngomhla ka-21 kuNhlangulana ka-2022: Umdlwane ongazi lutho uziphuzela amanzi angcolile agcwele yonke indawo emikhukhwini yaseDampini. 

Ikhansela lakulesi sigceme uHendrick Selwana, ungowesithathu ukwethembisa lo mphakathi ukuthi uzowususa lapha kule ndawo emfimfa amanzi angcolile. Ngasekuqaleni kukaNhlangulana, umasipala waqala wathutha izakhamizi ezimbalwa uzisa kule ndawo engaseZikode Village. USelwana unqabile ukuphawula.

Nokho iningi lalabo abebehlala emikhukhwini enamagumbi amaningi futhi benamagceke amakhudlwana eDampini, imikhukhu enegumbi elilodwa futhi ecinene lapho bethuthelwe khona ifana nokubuyela emuva ngokwezinga lempilo.

“Engikucelayo wukuthi uma sithuthwa, sisuswa emakhaya ethu akube yingoba siyiswa endaweni engcono,” kusho uNgcobo. “Awukwazi ukungithatha emzini wami engizakhele wona bese ungisa emkhukhwini onegumbi elilodwa. Akukwazi ukwenzeka lokho.”

Ukuthuthwa kwalabantu kwenziwe ngaphandle kokulalelwa kwezikhalo zezakhamizi zaseDampini nezaseZikode Village osekudale uqhekeko nokungezwani phakathi kwale miphakathi. Izakhamizi zaseDampini zithi azilazi iningi lalabantu abathuthelwa kule mikhukhu eseduze naseZikode Village.

Izishoshovu zaBahlali ziyakugcizelela ukuthi noma ngubani ofikayo kule ndawo zizomamukela ngezandla ezimhlophe, kodwa zimcasukele uSelwana ngokwehluleka ukufeza izethembiso zakhe njengoba esesebenzisa uhlelo olungavulelekile emphakathini futhi olunenkohlakalo.

Into ephethe kabi izakhamizi zaseZikode Village ezifana noMartina Mokone, oziphilisa ngokuqoqa izinto ezidayisekayo ezindaweni ezakhelene neZikode Village ukuthi kungenzeka kugcine kuncishiswa amagceke abo ukuze kuvuleke isikhala salabantu abafikayo. UMokone unengadi atshala kuyo u-anyanisi nezinye izitshalo ngemuva kwendlu yakhe. Watshelwa yisikhulu sakwamasipala uJabulani Mthethwa ukuthi le ngadi yakhe izonqanyulwa phakathi ukuvulela isikhala lababantu abathuthwayo.

Ngomhla ka-21 kuNhlangulana ka-2022: UMartina Mokone, oziphilisa ngokuqoqa okudayisekayo ezindaweni ezakhelene neZikode Village, owatshelwa ukuthi ingadi yakhe izodatshulwa phakathi ukuze kuvuleke isikhala sezakhamizi ezintsha.

Udlame nokusatshiswa

Muva nje, uhlelo lokuthuthwa kwabantu besuswa eDampini selunenhlese yodlame olubhekiswe kwizishoshovu zaBahlali baseMjondolo. Ngomhla ka-13 kuNhlangulana, izishoshovu zangena endaweni ezazikholwa wukuthi ibekelwe zona. Kwabe sekuqhamuka ujenga lwezimoto zamaphosiya kamasipala.

Ngokwalezi zishoshovu, amaphoyisa akhombisa unya olubi ngesikhathi ebhidliza imikhukhu yazo aphinda ashisa nezimpahla zabo. Abe esededela nenganono enezinhlambu zenjoloba nezangempela ebhekise kulabo abebengene kule ndawo.

Ngokuhamba kwesikhathi ngalo lolosuku, kwafika abathi yizinkabi ezikhokhelwayo ukuze zibulale abantu zasehostela elibizwa ngeHlanzeni nazo zadedela inhlamvu zibhekise eZikode Village. Umuzwa okhona kulezi zishoshovu owokuthi lezi zinkabi zisetshenziswa ngumholi othile wepolitiki ukusabisa azakhamizi.

Kunezinsolo zokuthi amaphoyisa ashiya kulimele abantu abangu-15, okukhona kubo nabadutshulwa ngezinhlamvu zangampela. Isakhamuzi saseDampini uXolani Haas, oneminyaka engu-39, walimala ngesikhathi edubuleka emlenzeni ngenhlamvu yangampela. UHaas ungubaba wezingane ezine kanti waphelelwa wumsebenzi enkampanini ayesebenza kuyo ngasekuqaleni kokhuvethe lweCovid. Wathola usizo lokwelashwa lapho ayedubuleke khona esibhedlela. Kodwa washeshe wadedelwa ukuba abuyele ekhaya kulandela ukuthi udokotela kunezinsolo zokuthi wamtshela ukuthi “udlala ngezinsiza zikahulumeni ngoba uhlala endaweni okungeyona eyakho”.  Esikhathini esiyiviki ukusuka ededeliwe esibhedlela, isilonda sakhe sasisaqhubeka nokuvuza igazi.

Ngomhla ka-21 kuNhlangulana ka-2022: uMelita Ngcobo ongusihlalo wegatsha laBahlali baseMjondolo iVusimuzi. 

Kunokuthi kube yimpendulo izakhamizi ezikade zayilinda ngenhlupheko yazo, ukuthuthwa kwabantu baseDampini sekususe uthuthuva nodlame. “IZikode Village bekuyindawo enokuthula kodwa sebekuqedile lokho,” kusho uNgcobo. Yize zisatshiswa, izishoshovu ezifana noNonkwelo noNgcobo zisaqhubeka nokusebenza nokuzikhandla ukuqinisekisa ukubuyisana futhi abasuki kwizimfuno zabo. Bafuna izindlu ezifanele ukuhlala abantu nekhansela elingeke lingabanaki.

Okhulumela amaphoyisa kamasipala wase-Ekurhuleni uthe bona baphuma ngoba bezwe ngezinsolo zokudliwa komhlaba beyoseka uMnyango wokuHlaliswa kwaBantu waseGauteng. Amaphoyisa ayakuvuma ukuthi kwasetshenziswa izinhlamvu zenjoloba ngoba ezivikela kwizakhamizi ezaziwajikijela ngamatshe kodwa ukuthi asebenzisa izinhlamvu zangempela ayakuphika.

Athe angaziphenya izinsolo zonya nesihluku okuthiwa kwenziwa amaphoyisa uma kungaba khona abavula amacala. UNgcobo usezinhlelweni zokuyolivula icala.

Ngomhla ka-21 kuNhlangulana ka-2022: Umfula onqamula phakathi eDampini nawo ungcole ngokuxakayo futhi udla izindwani ngezikhathi zezimvula ehlobo.
If you want to republish this article please read our guidelines.
+ posts